Skip to main content

Imbizo yamaKhosi aseMgungundlovu

13 May 2024
Ihambe kahle kakhulu imbizo kaMasipala wesifunda uMgungundlovu , ebibanjwe izolo. Lembizo ebibizwe uSomlomo womkhandlu uKhansela Nonhlanhla Gabela, ebihlanganise amakhosi aseMgungundlovu, abeholwa usihlalo wawo iNkosi uMajozi. Amakhosi abehamba noNdunankulu, izinduna kanye nonobhala besizwe, ngenhloso yokuzothamela ngohlelo lwentuthuko oludidiyelwe kanye nesabelo mali, bese futhi amakhosi abe nethuba lokuthi ubeke izimvo zawo ngalokhu. uMayor uKhansela Mzi Zuma, okunguyena obebika ngaloluhlelo emakhosini, ubehambisana noSomlomo, uSotswebhu uKhansela Scelo Majozi, uSomlomo, uDr Xolani Muthwa onguMasipala Manager obehamba nethimba lakhe lezimenenja zikamasipala. Kube sekwamukelwa ngesasasa uDr Zweli Mkhize ohlala kwipalamende likazwelonke, obemele uMinister uSindisiwe Chikunga ongushampeni walesifunda uMayor uNxamalala ube esethula umbiko wakhe, wawundlalela ngokuchaza ethi , "Sithanda ukubika emakhosini ukuthi ngesikhathi singena ehhovisi ngo 2021, safika salungisa i"budget" ukuthi ibe sesimweni esifanele, okungukuthi izinto esithi sizozenza, zihambisane nemali esinayo(funded budget). Kanti okusijabulisa kakhulu futhi ukuthi njengamanje, sinemali eyanele emkhandlwni ukuthi singakwazi ukusebenza izinyanga ezinhlanu singatholi mali( cash coverage ratio)." uNxamalala uqhubeke wathi, "iyasithokozisa imiphumela yomcwaningi mabhuku selokhu safika, lapho ethola ukuthi izimali zomkhandlu sizisebenzisa ngendlela(unqualified audit opinion), kanti mamakomidi akhiwe ngomyalelo womthetho, wonke akhona futhi asebenza kahle". Ithintwe kakhulu indaba yokushintsha kwesimo seZulu emva kombiko owethulwe imenenja yomnyango wezinhlekelele uMnu Mthembu. Amakhosi awuthakasele kakhulu lombiko, acela nokuthi wethulwe kwisizwe ngesizwe kubantu bawo, ikakhulukazi mayelana nokwakha ezindaweni ezinobungozi, kanye nokuvikela izinhlekelele zingakenzeki. uNxamalala ube esebika ngama "projects" komasipala abahlukene, ekhuluma ngezizumbulu zezigidi zamarandi azoletha intuthuko koMasipala abangaphansi kwawo, wabika nokuthi umkhandlu uzimisele ukusiza osomabhizinisi abancane emakhaya nasemalokishini ukuze basimame. Kuno R5million rand obekelwe lokhu, ngabe ama tuck-shop, ama internet cafe, imisebenzi yezandla njengokushisela, nokunye. Ube esenxusa amakhosi kubanjiswane nomkhandlu ukulekelela ukuthi izitolo zabantu bakithi esezasetshenziswa o "my friend", kanye nama "tuck shop", kubuyele kubantu. Enkulumeni yakhe uDr Zweli Mkhize, uthe "Njengoba kunezinqumo esezithathiwe kulomhlangano, kudingeka ukuthi kwakhiwe ikomidi lamakhosi elizolandela uzincomo ezenziwe, okuthinta abafuyi nabalimi, umhlangano nomnyango wezolimo ngendaba yogandanganda, ukubiywa kwamadlelo, ukwakhiwa kwezikiti kanye namadamu okuphuza izinkomo." uKhabazela uqhube wathi " kudingeka kwakhiwe i "schedule of time frames" yokwakhiwa kwama "boreholes", ukubiyelwa nokwakhiwa kahle kwamapitso, nomhlanhano wokudingida ngama"spaza shop", okuyilapho kumele kudingidwe nangodaba lokuthi laba balezitolo bakwazi ukuhlangana, bathenge ngokuhlanganyela ukuze kwehle amanani, nanokuthi babe nombono wokuthi basebenzele ukuba abanikazi bama" retail and warehouses, bazibambe ziqine kulomkhakha womnotho". kusho uGcwabe. Uvale ngokunxenxa amakhosi ukuthi kushunyayelwe ivangeli loxolo nokubekezelelana njengoba kuyiwa okhethweni.