Umuntu umuntu ngekhaya!
22 May 2024
UNgqongqoshe weZokuhlaliswa kwabantu nemisebenzi yomphakathi uMhlonishwa uSipho KK Nkosi, ehambhisana noMeya womasipala wesifunda uMgungundlovu uKhansela Mzi Zuma kanye nobuholi bomasipala wasekhaya uMshwathi, bahambhele eTrustfeed kuward 9 kanye nasendaweni yaseCool Air kuward 7 engaphansi kwawo lo Masipala, ukuyomukezela ngamatayitela angama-262 kubantu.
UNxamalala usishayele ihlombhe isenzo somnyango weZokuhlaliswa kwabantu nemisebenzi yomphakathi kusukela Trustfeed lapho uNgqongqoshe eqale khona eyovula ngokusemthethweni amaSolar Panels alekelela uma kuhambhe ugesi ezindlini ezakhelwe labo ababengamasosha ezempilo ngesikhathi sobandlululo.
"Kuyasijabulisa kakhulu ukubona imzamo eqhamukayo kuhulumeni yokubhekana nenkinga kagesi ekhungethe izwe lethu. Ukufakwa kwamaSolar panels kuzolekelela nasekunciphiseni izindleko zokuthenga ugesi nokuwuhlelo olusazoqhubekake kwenziwe nakwezinye izindlu. Siphinde sincome kakhulu ukunikezelwa kwamatayitela kubantu bakithi. Lokho kuzobaqinisekisa ukuthi amakhaya sekungawabo” kusho uNxamalala.
Uphinde waxwayisa kakhulu abantu ukuthi bangalinge benze iphutha lokubambhisa ngamatayitela abo uma befuna koboleka imali wathi lokho kungabafaka engcupheni yokuthi bagcine sebelahlekelwa amakhaya abo uma sebehluleka ukukhokha leyomali abasuke beyibolekile. Uphethe ngokuthi uhulumeni usazoqhubeka nokubakhathalela abantu uphinde wenze isiqiniseko sokuthi uyaziphucula izimpilo zabo.