Skip to main content

UCHUNGE CHUNGE LOKUQINISEKISA UKUTHI IZITOLO EZINCANE ZIDAYISA UKUDLA OKUHLOLIWE NOKULUNGELE UKUDLIWA

25 November 2024
Zingu 21 kuLwezi 2024,uMkhandlu wesiFunda uMgungundlovu uqhube umshikashika wokulwisana nesihlava sezitolo ezincane (spaza shops) esisematheni muva nje, lapho ukugula, ikakhulukazi kwezingane kudlangile, emva kokuthi zidle ukudla ezikuthenge kulezitolo, kangangokuthi kunezingane ezishonile ngenxa yokudla ukudla osekuphelelwe isikhathi sokuthi kudliwe. Lomkhuba uvamise ikakhulu ezitolo lapho kudayisa khona abokufika kuleli. Lokhu sekubangele nokuthi uMongameli wezwe uCyril Ramaphosa enze inkulumo eyibhekise esizweni ngaloludaba, lapho ebeke khona imiqathango ekumele ilandelwe omasipala kanye nezinhlaka ezithintekayo. Namhlanje, ithimba ebeliholwa uMayor womasipala wesifunda uMgungundlovu uKhansela Mzi Zuma, okubalwa kulo uMayor womkhandlu wasekhaya eRichmond uKhansela Ngcongo, usekela Mayor u Khansela Mbanjwa, usihlalo wekomidi laka Community Services ukhansela Sphe Zungu, amakhansela omkhandlu, amaphoyisa, Home Affairs, Immigration Department, Umyango waka Environmental Health wase Mgungundlovu kanye nama officials, ase Richmond noMgungundlovu, bagaleleke eRichmond behambela lezitolo, kwancane indawo. uMayor Zuma ekhuluma nabahlali emtholampilo wakulendaeo, kanjalo nasesikhungweni sokuphekela umphakathi isobho, uthe, "size lapha, ukuzonixwayisa ngobungozi obukhulu enibhekene nabo, esenibazi ngendaba yokuthenga ukudla okunobungozi obudayiswa ezitolo, ikakhulukazi zalaba bokufika. Izinto esizibhekayo la, okokuqala ukuthi banawo yini amaphepha okuthi babe la ezweni, okwesibili, banayo yini invume yokudayisa,okwesithathu, ngabe badayisa ukudla okulungile yini, okungakaphelelwa isikhathi, bese sibheka nenhlanzeko jikelele ukuthi ngabe abalali yini ezitolo nalapho begcina khona ukudla, ngabe kuhlanzekile yini" kuchaza uMayor. Kulomkhankaso, kutholakale ukudla osekuphelelwe isikhathi, kwathathwa ukuthi kuyolahlwa, kwatholakala futhi kwaboshwa abahlanu abangenayo imvume yokuba lapha, kwaphinde kwavalwa izitolo ezinhlanu ebezingahlangabezani nemiqathango noma ababengenawo amaphepha emvume yokusebenza. Lomkhankaso uyaqhubeka, kusisonke isifunda.